Jump to content

Amandla enuzi

Mayelana Wikipedia
Isiphehli saMandla enuzi saseLeibstadt eSwitzerland

Amandla enuzi awukusetshenziswa kokusabela kwenuzi ukuze kukhiqizwe amazuba . Amandla enuzi angatholakala ekuklewukeni kwenuzi, ukubhucukeni kwenuzi kanye nasekusabeleni kwengxubano yenuzi . Njengamanje, amazuba amaningi avela emandleni enuzi akhiqizwa ngokuklewuka kwenuzi leshaqantuva kanye nempulu eziphehlini zamandla enuzi . Imidludlungu yokubhucuka kwenuzi isetshenziswa ezinhlelweni ezimbalwa ezifana neziphehli zenzubakhoza yechembeliyonzayo ezifakwe kwezinye izindizamkhathi ezifana ne- Voyager 2 . Iziwohlozi ezikhiqiza amandla engxubano bezilokhu zisetshenziswa kusukela ngowe-1958 kodwa azikakwazi ukukhiqiza amandla aphelele futhi azilindelekile ukuba zisebenze esikhathini esizayo esiseduze.

Isiphehli sokuqala samandla enuzi sakhiwa ngeminyaka yawo-1950s.